Zonke izikole zinikiwe ikhophi yesekhula efanele, i-CD yefomu yokubala kanye nediski. Izikole kulindeleke ukuthi zibuyisele ifomu esayiniwe, ukuhlola okwenziwe ngesandla okugcwalisiwe noma ifomu eliphrintiwe, ifothokhophi yalo kanye nediski (nolwazi olufakiwe). Izikole ezingakwazi ukufinyelela kumakhompiyutha kufanele zibuyise ifomu lokuhlola elisayiniwe lagcwaliswa ngesandla kanye nefothokhophi yalo.
Isigaba 1 sisebenza kukho kokubili izikole ezejwayelekile kanye neziyisipesheli.
Isigaba 2 sisebenza kuphela ezikoleni ezejwayelekile.
Isigaba 3 sisebenza ezikoleni eziyisipesheli (LSEN).
QAPHELA: Le miyalelo isebenza ezikoleni ezigcwalisa ifomu ngesandla.
Kufanele kubanjelelwe eziqondisweni ezilandelayo uma kugcwaliswa amafomu.
Sicela usebenzise izinhlamvu EZINKULU uma ugcwalisa amafomu.
Sicela ubhale ngokuhlanzeka okunokwenzeka.
Sayina kuphela isikhala esihlinzekwe kusignesha.
Sicela ugcwalise elinye ikhasi uma wenze amaphutha ekhasini.
Sicela ufake i-EMIS namba ekhasini ngalinye.
Amakhasi asefomini abuyise esesimeni esilungile.
Kufanele kuhlinzekwe lonke ulwazi.
Ikhasi "umbhalo wokunikeza imvume" - ikhasi lesibili kufomu - kufanele ligcwaliswe ngesandla. Sicela uqinisekise ukuthi yonke imibhalo eyesekayo oyiqinisekisile ukuthi ikhona embhalweni wokunikeza imvume ihlelwe kahle.
Gcwalisa imininingwane yesikole sakho noma ngabe ayikho into eshintshile. Iyunithi ye-EMIS izofaka ulwazi olusha kunanoma yiluphi ulwazi olushintshile ngaphandle kwegama lesikole.
Ikheli Leposi: 1.
Ikhodi yeposi Ikheli lendawo: 1.
Khombisa inamba yabafundi abaseBangeni 1 neBanga 2 esikoleni sakho ngokweminyaka yabo. Sicela wazi ukuthi isamba sonke salaba bafundi kufanele sifane nenamba yonke yabafundi bamaBanga afanayo eThebulini 3. Leli Thebuli lisesthenziselwa ukuqapha ukuba ngaphezu kweminyaka nokungaba ngaphansi kweminyaka yabafundi abangena ohlelweni.
Khombisa inamba yabafundi ebangeni ngalinye, inamba yamayunithi ekilasi (amaqembu abafundi ngebanga ngalinye) kanye nenamba yabaphindayo, okungukuthi abaphinda okokuqala, abaphinda okwesibili, njll.
Amakilasi okulungisa/osizo kusho ikilasi labafundi abathola ukufundiswa kokulungisa okwesikhashana. Izinamba zabafundi sezivele zifakiwe emakilasini ebanga.
Khombisa inani umfundi ngamunye okuzofanele alikhokhe njengezimali zesikole kulo nyaka. Ezimeni zezikole ezingenazinsizakalo zamahositela, lokhu akufaki izimali zamahositela.
Khombisa inamba yabafundi abaxolelwe ukukhokha izimali ngonyaka ka-2008.
Khombisa inamba yabafundi abadluliswe besuka kwezinye izifundazwe noma kwamanye amazwe beya eGauteng. Bala kuphela labo bafundi abajoyine isikole ngonyaka ka-2009.
Khombisa inamba yabafundi ngokwebanga abalihambayo ukuya esikoleni. Lokhu kubandakanya abafundi abahlaliswe emahositela.
Inamba seyiyonke yabafundi kuleli thebuli kufanele ihambisane nenamba yonke yabafundi emathebulini 3 no-8.
Leli thebuli lisebenza kubazali/ababheki abahlala nomfundi.
Ungabali ngokuphindwe kabili lapho abazali/ababheki behlala futhi besebenza endaweni.
Umfundi ngamunye kufanele kuchazwe ngawe kanye kuleli thebuli.
Ithebuli 9: Ulwazi lomsebenziIthebuli 9.
Khombisa inamba yabasebenzi abaqashwe Uhulumeni esikoleni ngobulili, izinga nohlobo lomsebenzi.
Izinga lesikhala somsebenzi sikathishomkhulu kufanele sikhonjiswe.
Khombisa inamba yabasebenzi abaqashwe ngasese esikoleni ngobulili, izinga nohlobo lomsebenzi.
Bheka isigaba 2 sethebuli 1 sesikole ezejwayelekile ngenhla.
Khombisa inamba yabafundi ebangeni/esigabeni ngasinye, ubulili, amayunithi ekilasi esewonke kanye nenamba yawo ngebanga/ngesigaba ngasinye amaqembu abafundi ngebanga /ngesigaba ngasinye.
Ithebula 3: Umnikelo wezezimali umfundi ngamunye (Bheka isigaba 2 ithebula 4 sezikole ezejwayelekile ngenhla).
Ithebula 4: Inamba yabafundi eyaxolelwa ekukhokheni izimali ngonyaka ka-2008. (Bheka isigaba 2 ithebula 5 sezikole ezejwayelekile ngenhla).
Khombisa inamba yabafundi abakhubazekile. Sicela wazi ukuthi lapho kunokukhubazeka okuningi, abafundi kufanele babalelwe ukukhubazeka kwabo okukhulu.
Inamba yonke yabafundi kuleli thebula kufanele ihambisane nenamba yonke yabafundi kuthebula 2, 7 no-8.
Ithebula 6: Inamba yabafundi abaye eGauteng ngonyaka ka-2009 (Bheka isigaba 2 ithebula 6 sezikole ezejwayelekile ngenhla).
Khombisa inamba yabafundi ngokwebanga abalihambayo ukuya esikoleni. Lokhu kubandakanya abafundi abahlaliswe emahositela.
Inamba yonke yabafundi kuleli thebula kufanele ihambisane nenamba yonke yabafundi abasethebulini 2, 5 no-8.
Ithebula 8: Inamba yabafundi Iphrofayili yaBazali/yaBabheki babo engena ngaphakathi kwale ndlela.
Khombisa inamba yabafundi maqondana nesimo sabazali/sababheki babo njengeoba behlinzekelwe kuNqubomgomo Yokwamukela.
Leli thebula lisebenza kubazali/kubabheki abafundi abahlala nabo.
Ungabali uphinde kabili lapho umzali ehlala futhi asebenze endaweni.
Umfundi ngamunye kufanele abalwe kanye kuleli thebula.
Inamba yonke yabafundi kuleli thebula kufanele ihambisane nenamba yonke yabafundi kuthebula 2, 5 no-7.
Khombisa inamba yabasebenzi abaqashwe nguhulumeni esikoleni ngobulili, isikhundla kanye nohlobo lomsebenzi.
Izinga lesikhala somsebenzi kathishomkhulu kufanele likhonjiswe.
Khombisa inamba yabasebenzi abaqashwe ngasese esikoleni ngobulili, izinga nohlobo lomsebenzi.
